Kubuye isifundazwe kufungiswa uNdunankulu omusha ceke
Sane Mseleku
KUFEZEKE iphupho likaMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi iqembu lenhlangano i-IFP liphatha isifundazwe sakwaZulu-Natal.
UMntwana wakhothama ngoSepthemba 2023, enesifiso sokuthi inhlangano yakhe ayisungula ngo-1975 iphinde iphathe iKwaZulu-Natal.
Nokho, sekuwumlando ukuthi uMnuz Thami Ntuli obeyiMeya kaMasipala iKing Cetshwayo ufungiswe njengoNdunankulu ngoLwesibili.
Ufungiswe yiJaji uThoba Poyo-Dlwathi ezinkundleni zemidlalo iWoodburn eMgungundlovu.
IKwaZulu Natal ingeyesibili kumnotho omkhulukazi ilandela iGauteng. Yilona khaya lamachweba amatasa kakhulu iPort of Durban kanye nePort of Richards Bay aphinde abe amakhulu e-Africa.
“Abantu nabavoti yibona abaqashi bangempela. Thina siyizisebenzi zabo, ibona abathatha izinqumo,” kusho uNdunankulu.
UNdunankulu uphinde wacela ezinye izinhlangano ukuba zikhohlwe okudala kodwa zisebenzele abantu besifundazwe.
Ubonge ukuhlangana kwamaqembu kulesi sifundazwe okubalwa kuwo ANC, NFP kanye neDA, uthe kumbuleke ikhasi elisha kwezepolitiki.
Uthembise ukuthi angeke abandlulule qembu njengalawa aphikisayo i-EFF no-Mkhonto weSizwe Party.
Uthe abantu nabavoti yibona abaqashi bangempela, bona bayizisebenzi zabo, ngoba yibona abathatha izinqumo.
Uphinde wathula noNgqongqoshe kwiMnyango ehlukahlukene:
UMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho – Mfundisi Musa Zondi
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu – Mfundisi Thulasizwe Buthelezi
UMnyango weMisebenzi yoMphakathi – Mnuz Martin Meyer
UMnyango wezeZimali – Mnuz Francois Rodgers
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi – Nksz Mbali Shinga
UMnyango wezokuThutha – Mnuz Siboniso Duma
UMnyango wezeMfundo – Mnuz Sipho Hlomuka
UMnyango wezoLimo – Nkk Thembeni Madlopha-Mthethwa
UMnyango wezeMpilo – Nksz Nomagugu Simelane
UMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko – Mnuz Mntomuhle Khawula