Izindaba

Uyaphenywa umculi obandakanyeke engozini ebulale ingane

Kwande KaZikiza

USENKINGENI umrepha uShebeshxt njengoba kuvela ukuthi uphenywa amaphoyisa ngokushona kwendodakazi yakhe u-Onthatile engozini yemoto ngesonto eledlule.

Lo mculi, ogama lakhe langempela uLehlogonolo Chauke wayeshayela imoto yohlobo lweVolkswagen Polo ngesikhathi itholana phezulu ne-truck ku R37 Road ngaseSmelters Mine eLimpopo.

U-Onthatile, oneminyaka engu-9, washona ngemuva kwesikhashana kwengozi ngezithuba zeshumi nehora ebusuku.

Lo mculi wathola ukulimala esendleleni eqonde kwi-ANC Siyanqoba Rally.

Ngokubika kweSunday World, amaphoyisa ahlezi ezithendeni zalo lo mculi waseLimpopo njengoba esexhumene nomndeni ephenya kabanzi ngengozi.

Kuthiwa amaphoyisa azobuye athinte intombi kaShebehxt uKholefelo Chuene ukuthola olunye ulwazi kanti kuzohlolwa negazi elamonywa ngemuva kwengozi njengoba kusolakala ukuthi wayedakiwe eshayela.

Le ngozi imshiye ephuke umlenze, etubeke emzimbeni walimala kabuhlungu ekhanda. Ulimala nje, ekuqaleni kwalo nyaka wasinda kwenye ingozi enyantisayo lapho imoto yakhe yaphela nya.

Abantu abasezinkundleni zokuxhumana bebehlale bemgxeka ngomkhuba wakhe wokushayela budlabha njengoba ubehlale evela ezithombeni nakuma video eshayela engalifasile ibhande.

Uke waba sematheni ngesikhathi eziveza ukuthi ungukhandashia nomdlwembe kwi-video lapho wabonakala khona ekhipha ivolovolo ngesikhathi enandisa komunye umcimbi.

Ufike endimeni yomculo ngegiya eliphezulu nge single Ke Di Shxt Malume wasuka lapho wadedela enye i-single ethi Twerka ayenza noDJ Maphorisa.

Related Articles

Back to top button