Ezokungcebeleka

Akasabudlodli uZola 7 obebudlela ebhodleleni

Aphelele Gcwabe

UMCULI ohlonishwayo kuleli uBonginkosi “Zola 7” Dlamini akababuthinti nhlobo utshwala.

Lezi zindaba zivezwe umngani walo mculi ongathandanga ukudalulwa igama lakhe.

“Ziyiqiniso lezo zindaba mfwethu, sihlala naye uyasithengela kodwa yena akasaphuzi nhlobo. Sekunesikhathi eside abuyeka kodwa okuhle ngaye ukuthi akabanyanyi labo abasaphuza,” kusho umngani kaZola.

Phakathi kwezinye zezizathu ezidale uZola 7 abuyele utshwala yisimo sempilo yakhe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZola 7 waphumela obala ngokugula.

“Ubephuza kakhulu, bekungekuhle nhlobo. Kuhle nje ngoba usebuyekile. Ubephuza njengenhlanzi futhi kumkhubaza empilweni lokho empilweni,” kusho lo mthombo.

UZola 7 akakaze akufihle ukuthi uhlushwa isifo sokuwa.

Omunye umthombo wePurpose ozinze eMelville, uthe isifo sohlangothi ngelinye zezinto ezimenze washiya phansi.

“Isifo esimphethe siyingozi kakhulu futhi naso sibe imbangela yokuthi anqume ukuyeka utshwala. Muva nje uke wathi ukuxineka, ngakho ubonile ukuthi utshwala kuzophazamisa impilo yakhe ngokuhamba kwesikhathi,” kuqhuba lo mthombo.

NgoJuni-16 uZola ukhiphe kabusha ingoma yakhe eyashisa izikhotha iGhetto Fabulous kwathi ngoJuni 18 wakhipha kabusha i-album iBhambatha nezobe isitholakala kuma-digital platforms.

“I-Ghetto Fabolous ayikaze ingene kuma-digital, iphume esikhathini esidala kakhulu kodwa manje isikhathi sokuthi abantu beyizwe ngoba kade belokhu beyifuna. Ngasosonke isikhathi manginandisa e-stage angiyishiyi,” kubhale uZola ekhasini lakhe ku-Instagram.

Umthombo ubike ukuthi kumanje uZola 7 uqopha iziqephu zohlelo lwezingxoxo lapho ekhuluma khona nosaziwayo, amaciko, osopolitiki kanye nabantu nje abenza izinto ezinhle emphakathini. Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luqale ngo-Okthoba kulo nyaka.

Related Articles

Back to top button