IKZN nesibalo esiphezulu sabafundi abakopelile
ZIYASHAQISA izibalo zabafundi ababanjwe bekopela njengoba ngoMsombuluko kusihlwa kukhishwa imiphumela kaMatric.
Babalelwa ku-407 abafundi ababanjwe bekopela lezi zivivinyo zika-2024 ezweni lonke kanti iKwaZulu-Natal neMpumalanga yizona zifundazwe ezihambe phambili ngokutholakala kwabafundi ababanjwe bekopela ngesikhathi kunezivinyo ngonyaka owedlule.
Ngokubika kweLanga lokhu kuvezwe yiCEO ka-Umalusi uMnu Mafu Rakometsi ngesikhathi ephawula ngemiphumela kamatric okulindeleke ukuthi imenyezelwe ngokusemthethweni nguNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo eNingizimu Afrika uNkz Siviwe Gwarube.
URakometsi uthe iKZN neMpumalanga yizona eziqenqeleze phambili ngesibalo sababanjwe bekopela.
Uveze ukuthi iKZN kubanjwe abafundi abawu-195 kwathi eMpumalanga baba wu-74.
Uqhube ngokuthi nakuba lesi sibalo sehlile uma kuqhathaniswa neminyaka edlule kodwa kusaqhubeka nokumkhathaza ukuthi kusenabafundi abasabona kuyindlela yokuphumelela ukukopela.
Kubikwa ukuthi bangaphezulu kuka-800 000 abafundi abahlelele izivivinyo zikamatric ka-2024.
NgoMsombuluko Umalusi ukuphasisile ukudedelwa kwale miphumela ezweni lonke njengoba eveze ukuthi nakuba kube nezihibe ezincane kodwa konke kuhambe ngokuhlelo ngalezi zivivinyo nokumakwa kwala maphepha.
Khonamanjalo umculi osemncane uNaledi Aphiwe ucashunwe kwiSunday World ethi unokwesaba njengoba naye ebheke imiphumela.
Ukusho lokho ekhala ngokuthi ubencelisa amawele njengoba kwesinye isikhathi samakilasi angeziwe ngezimpelasonto ubengaphumeleli kodwa aye kocula.
UNaledi ubefunda eKhethokuhle Secondary School eNanda.