Kuhlwe emini iChiefs inenebulwa i-Arrows
KUHLWE emini iKaizer Chiefs iguqiswa Abafana Bes’thende ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, emdlalweni weBetway Premiership ngeSonto ntambama.
Ukudlala kukaGladwin Shitolo esiwombeni sesibili yikho okusize iGoleden Arrows ukuthi inqobe futhi ithole amaphuzu aphelele.
Lo mdlali uvalele phakathi igoli ngomzuzu ka-56 kwachwaza iMabhida.
Ekhuluma ngemuva komdlalo umqeqeshi uNabi uthe iqembu lakhe alizange liwakhe amathuba anele, kodwa belingakuthola okuthile kulo mdlalo.
“Kuyinto efanayo ngaso sonke isikhathi. Uma ungawasebenzisi amathuba wakho, unika imbangi ithuba lokubuya emdlalweni. Uma bethola ithuba futhi balisebenzise, kube sekufuneka ujahe umdlalo,” kusho uNabi.
Eqhuba uthe umphumela wanamuhla uyakhohlisa bayazi ukuthi abazange benze kahle neze.
“Mhlawumbe asiwakhanga amathuba anele, kodwa abenele ukuthi sithole okuthile.
“Cishe sibe namathuba alula kunawo wonke akhiwe yimbangi yethu namuhla kodwa ke kunjalo nje.”
IChiefs izoba nesonto lonke lokuthi uNabi alungise lokho anomuzwa wokuthi kudinga ukulungiswa eqenjini lakhe.
Udliwa nje iChiefs ibisanda kunqoba okokuqala kulo nyaka ihlula ngo 2-1 iStellenbosch FC eFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
IStellies iyona eshaye igoli kuqala, yahamba phambili ngomzuzu ka-20 ngesikhathi uKhomotjo Lekholoane esebenzisa iphutha leChiefs.