Ezemidlalo

IPirates iphephezelise iflegi laseMzansi kwiCaf

I-Orlando Pirates iphephezelise iflegi laseNingizimu Africa ngesikhathi ikwazi ukungena ngehubo esigabeni somkhumulajezi kwiCaf Champions League.

Lokhu ikwenze kusasele umdlalo owodwa esigabeni samaqoqo.

IBhakabhaka ingene ngestayela yakhombisa ukuzimisela ngesikhathi ithela othulini ngo 2-1 izinkunzi zase-Algeria iCR Belouizdad ngeSonto.

Lo mdlalo obuse-Orlando Stadium ebicishe igcwale phama, iPirates ibibukeka ikhonya umdlalo usasuka nje.

EzikaMagebula zihambe phambili ngegoli likaRelebohile Mofokeng ngomzuzu ka-20.

Lo mgadli oneminyaka engu-20 ubudala ukhombise ukucabanga ngokushesha, egxumela ebholeni ibhola ngemuva kokuthi unozinti weBelouizdad elibambe walidedela.

Iqembu laseSoweto liwakhile amanye amathuba ambalwa kodwa alikwazanga ukuwasebenzisa.

UThalente Mbatha ushaye igoli elibe yishodi alidonse ekude, watholela iPirates igoli ebelidinga ukuqinisekisa indawo yayo kwayisishiyagalombili adlulela phambili.

IBelouizdad izame konke okusemandleni ukubuyela emdlalweni, kodwa yathola iPirates inganyakazi emuva.

Nokho ekugcineni balitholile igoli lokubika ekhaya ngesikhathi esengeziwe, kodwa bese ihambile iwashi ebhodini. Kwaba ukudlulela phambili.

Lisenethini.com

Related Articles

Back to top button