U-AKA walandelwa ehla eKing Shaka Airport
SIPHUMA ngoLwesithathu isinqumo semantshi uVincent Hlatshwayo ecaleni lokubulawa kwamrepha u-AKA.
Imantshi ithe ubufakazi nezethulo okubekwe phambi kwayo kuningi kakhulu, ngakho kuzodinga ukuthi iyokufunda futhi ikucwaningwe ngaphambi kokuthi kuphume isinqumo.
Lokhu kuza emuva kokuthi ngoLwesine kuvele uMnuz Muziwethemba Gwabeni, noMnuz Lindokuhle Ndimande, abangabasolwa ababili kwabahlanu abasolwa ngokubulawa kuka-AKA nomngani wakhe owayengumpheki nosomabhizinisi uTebello “Tibz” Motsoane.
Bebevele ngaphambi kwenkantolo ukuzofaka kabusha isicelo sokudedelwa ngebheyili.
Phakathi kobufakazi obudonse amahlo abantu yingesikhathi umbuso uveza ukuthi usunayo ivideo ekhombisa omunye wabasolwa abahlanu ecaleni lokubulawa komrepha u-AKA.
Lobu bufakazi bumveza elandela umculi efika esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport, ngosuku abulawa ngalo.
Umshushisi wombuso u-Adv Elvis Gcweka, ubemi ngalobu bufakazi.
“Ivideo yobufakazi bethu imveza ngendlela ecacile umsolwa elandela umufi ibangana elincane kusukela efikela kubangani bakhe ababemlinde esikhumulweni sezindiza. Uyabonakala ebalandale kancane, baze bafike lapho ababezothatha khona imoto ababeyiqashele ukuhamba ngayo. Ubalandela ngezinyawo, aze ayogibela imoto yohlobo iBMW, exhumana nomunye wabasolwa kuleli cala uLindani Ndimande, kuze kube umufi nabangani bakhe bafika ehhotela ababebhukhe ukuzolala kulona eliseMhlanga, eThekwini,” kulanda umshushisi uGcweka.
Ummeli wabasolwa u-Adv Cryil Mlotshwa, utshele imantshi ukuthi okwenza uGwabeni acele ibheyili kabusha wukuthi abashushisi baveze ukuthi ukuphenywa kwabo sekuphelile.
“Okunye okuyinkinga yakhe wukuthi ukweleta uR100 000 esikoleni okufunda kusona enye yezingane zakhe, nokuthi enye ingane yakhe nonkosikazi belulekwa ngokomqondo, okudinga ukuthi abe seduze nabo ukubeseka. Konke okudinga imali akakwazi ukukwenza ngenxa yokuthi uvalelwe esitokisini.
“NakuNdimande kunzima ngokuthi itekisi lakhe eliwusizo emndenini libe sengozini, akakwazi ukulilungisa ukuze liqhubeke lisebenze lingenise imali, emndenini. Umndeni wakhe uyasokola ezimalini njengoba engekho, okwenza isimo sibe muncu ekhaya ngoba ubhekelele nezidingo nezindleko zamakhosikazi kayise ongasekho,” kuchaza uMlotshwa.
Umshushisi omkhulu u-Adv Lawrence Gcaba, uthe izethulo zommeli wabasolwa kazanele ukuthi zingenza ukuthi banikwe ibheyili nokuthi uma bededelwa ngebheyili ngeke bebe nesiqiniseko sokuthi ngeke baphazamise ukuqhubeka kwecala.
Isolezwe