Inkiyankiya uNdlunkulu evimba umshado weSilo
UNDLUNKULU weSilo uMisuzulu, uNtokozo Mayisela usefake amaphepha eNkantolo uvimba umshado weSilo nomaMyeni olungiselwayo kumanje.
Sikhuluma nje usefake amaphepha eNkantolo athi nguye unkosikazi oshade umshado ngakho isikhiye sikuye.
Phambilini Ihhovisi leSilo limemezele ukuthi ziyaqhubeka izinhlelo zeMbube yize ibhekene nesehlukaniso nomunye wondlunkulu bayo.
Phakathi kwezinhlelo ezimenyezelwe ihhovisi leSilo kubalwa ukugcagcelwa kweSilo kanye nemikhosi emibili ezokwenziwa kule nyanga.
Okhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu, uveze ukuthi iNdlulamithi yamakhosi iyaqhubeka nokwenza umsebenzi wesizwe.
UMntwana uSimphiwe uthe sekunamasonto amabili iMbube isemgonqweni njengoba kuqhubeka uMkhosi wokweShwama.
“Emasontweni amabili uqalile umkhosi esigodlweni eMashobeni. Njengamanje umkhosi uyaqhubeka, iNgonyama igonqile. Umsebenzi uhamba kahle futhi sibona ngisho nemvula noma indlela uNkulunkulu asikhumbula ngayo ukuthi umkhosi kaZulu uhamba ngendlela.”
UMntwana uSimphiwe uthe ibutho lizofika ngoMgqibelo esigodlweni eMashobeni, wathi ngeSonto liyobe seliphuma liyogawula usekwane.
“Ngomhla ka-13 kubikwa inhlambeko, kuyothi mhla ka-14 ebusuku, kuzokusa kube umhla ka-15, lapho kugcwala khona inyanga, izinsizwa ziyokube sezibamba inkunzi njengoba sazi-ke ukuthi lolo siko luyaye lugcinwe. Ngomhla ka 16 kuyokube sekuba iladi lapho kuyobe sekuphothulwa umsebenzi.”
Olunye ulwazi lucashunwe kwiSolezwe