Ezokungcebeleka

Igadle kuyise ngqo indodana kaMaskandi

UMAKADEBONA emculweni kaMaskandi uMfiliseni Magubane ukhuza uyababaza umhlola athi ugilwa yindodana yakhe uSanda efuna udumo ngokuhlasela yena eyizala.

Lo mndeni awuboni ngaso linye njengoba uSanda enekele izwe ukuthi uyise uMqabul’sheshe unomona nenhliziyo embi okuyidalele ubunzima endimeni yezomculo.

UMfiliseni Magubane uthi zonke izingane zakhe akaze athusane nazo kodwa lokhu okukhulunywa uSanda uyakweshwama.

“Asikaze sihlale naye phansi, acele usizo kumina. Ngimfundisile isikole kusukela phansi waze waya enyuvesi eDUT, akukho engingamsekanga ngakho, ngimkhulisa lana ekhaya waze wayosebenza. Kwezomculo ngimfakile ngaphansi kweqembu Izinsimbi esasilisungule noMgqumeni, ngafaka yena, uCevuzile noNcwephelezi sacula ngokubambisana. Sekumele ngimugone yini?,” kuphawula uMfiliseni kwiLanga.

Uthuthuva lusuke ngesikhathi uSanda ebongela omunye wabaculi abasebasha emculweni, uNjabulo Langa ngokusekwa kwakhe uyise uThokozani “Somnandi” Langa.

UNjabulo uzalwa umfowabo kaSomnandi. USomnandi umeseke emcimbini iMother of All eThekwini ngesikhathi engena naye esiteji ekubeni ubengaqashiwe uNjabulo, wacula naye ingoma yakhe ethi “Ngishile Nje” esikhathini sikaSomnandi.

USanda ube esesebensiza le ntuba wagadla kuyise wathi uSomnandi ungubaba owesekanayo nokuqonda kahle ukuthi umculo yibhizinisi.

Kujwayelekile ukuthi abazali abangabaculi bazeseke izingane zabo emculweni okubalwa uPhuzekhemisi eseka indodakazi yakhe ezibiza ngeChwane likaPhuzekhemisi nabanye abaningi.

Related Articles

Back to top button