
IPhasika elimnyama kubasebenzi bokufika ababoshwe kwaSithebe
BAZOBA nePhasika elimnyama abasebenzi abangaphezulu kwa-120 aboshwe uMnyango wemisebenzi nabasebenzi nowaZasekhaya emafemini akwaSithebe, eMandeni KwaZulu Natal.
Labo ababoshiwe abanawo amaphepha okuba seNingizimu Africa.
Iningi liyantula kule ndawo ngenxa yokuvaleleka ngaphandle endaweni yabo.
Amalunga omphakathi kuthiwa ayekade ekhala ngokuthi yimaphi lamakhono amangaka angekho endaweni nokwenza ukuthi kuqashwe abantu bokufika.
USekela Ngqongqoshe kuMnyango wezokuqashwa nabasebenzi uJomo Sibiya usigxekile lesi senzo sokushaya indiva abantu basendaweni nokungailandeli imithetho.
“Akwamukelekile nhlobo lokhu okwenzekayo, kusho ukuthi abantu bakuleli basazoqhuneka babe ngojika nelanga ngenxa yokungasebenzi. Baphile enhluphekweni nasebugebengwini ekubeni amafemu akwaSithebe akhethe ukungayihloniphi imithetho yakuleli lizwe.
Bazobhekana nengalo yomthetho labo abatholakale bengenawo amaphepha aqondile kuyimanje bayahlolwa, nabaqashi nabo bazoyikhotha imbenge yomile.
Lokhu kufakazelwe uSekela Ngqongqoshe eMnyangweni wesasekhaya uNjabulo Nzuza.
“Bonke abangenamphepha okuhlanganisa abaqashi bazoshushiswa. Konke lokhu kuzokwenzeka ngaphambi kokuthi bathuthelwe emazweni asemakubo.
Kwenzeka lesi sigameko nje KwaZulu-Natal, eThekwini, bengubanjwe umbhikisho iMarch in March kulwiswana nendaba yabantu bokufika abakuleli ngokungemvumo.
Le mashi yayiholwa umsakazi weVuma FM uJacinta MaNgobese Zuma
UJacinta waveza ukuthi leli lizwe seliphemduke imboni yokukhiqiza izidakamizwa nokuhlukunyezwa kwezingane nobunye ubugebengu obuhleliwe.
“Siyizwe elingenamthetho lapho kufika abantu benze noma yini, ukubone izinga lokudayiswa ngomzimba selinyuke kangakanani? kubuza uJacinta.
Kule mashi yayisuka epaki kuKing Dinizulu yehle njalo ngoWest Street ibheke eCity Hall ibisekwe ngamaqembu ezepolitiki-Action SA, ATM kanye nePA.