Izindaba

Kubhoke iPolo elibamba inkunzi éLovu

Philasande Luthuli

UHLALELE ovalweni umphakathi waselokishini laseLovu eNingizimu neTheku kulandela ukubhilita kwezigilamkhuba ezibamba inkunzi zihamba ngemoto yohlobo lweVW Polo.

Esigamekweni sakamuva esibikwe nasezinkundleni zokuxhumana ukubanjwa kwendawo yokuzicwala izinwele esigcemeni sakwaC ngasezitolo eThokoza.

UMpoomer Lelorh Nzama uhlabe umkhosi ezinkundleni zokuxhumana eqwashisa abantu ngesehlo esimehlele.

“IPolo elimhlophe selisibambe inkunzi ngezikhathi zabo-4 eSalon ka-C ngase Thokoza niqaphele,” usho kanje.

Kuvele ukuthi akusiso isigameko sokuqala lesi njengoba lezi zigilamkhuba sezike zagasela ngaphambili kule ndawo.

“Haaa baniphindile futhi slender…iPhone yakho baythathile? kubuza uLucas Mkhize.

Umgilwa uphendule ngokuthi ngenhlanhla iphone ubeyishiye ekhaya.

UMazet Mncwango ohlala kuyo lendawo uthe kusho ukuthi leli Polo beliphuma kubona ngoba nabo babanjiwe.

“Ayibo weMpume kusho ukuthi nathi lisibambe ngalezo zikhathi kungene umfana obegqoke jacket enavy wazifunisa ushintshi,” usho kanje.

Kuvele nomunye umgilwa wesifazane okhale ezimathonsi ngaleli Polo elibatshwazwayo.

“Kanti leli Polo alibanjwa ngani bakithi nami ngabanjwa ngomhla ka-25 ngenyanga edlule, banesihluku,” kubalisa uThandeka Ndokweni.

Sekuvele neziphakamiso zokuthi kungcono kubuyiswe ithimba elibhekelele ukuphepha komphakathi alalikhona phambili.

“Kungcono kubuyiswe iforamu iqale ekuseni ngezikhathi zokuqala kokusebenza kwamatekisi ngiba bazophela abantu manje, “kuphawula u-Eve Sindy.

Related Articles

Back to top button