
Buchitheke bugayiwe kwiRoyal AM
INkantolo eNkulu yaseGauteng isichithile isicelo sale kilabhu kanti kumele ikhokhe nezindleko zonke zecala.
IBoard of overners ye-PSL beyihlele ukuhlangana ngoLwesine ekuseni.
Lo mhlangano bekuhloswe ngawo ukuphothula ukuxoshwa kwe-Royal AM kwi-PSL.
Kodwa-ke, ngokubika kweFARPost, umhlangano umisiwe ngemuva kokuthi iRoyal AM ifake isinyathelo somthetho esiphuthumayo.
Ngesonto eledlule, iBoard of Governers ivote ngazwi linye ukuthi ayidingiswe i-Royal AM ezigabeni zePSL.
Ngokwe-NSL Handbook, okuyibhukwana elinemithetho elawula le nhlangano, ukuxoshwa kwekilahu kuvumelekile uma ilungu lehluleka ukuhlangabezana nezibopho zalo.
I-Royal AM ayikwazanga ukuhlangabezana nezibophezelo zayo zokudlala imidlalo yeligi futhi yagcina ukudlala ngoDisemba.
Le kilabhu ifakwe ngaphansi komqaphi ngenxa yezinkinga zentela zomnikazi wayi uShauwn Mkhize.
ISouth African Revenue Service (Sars) kubikwa ukuthi ifuna kukhokhwe isikweletu sentela esilinganiselwa ku-R40 million.
I-Sars imise ama-akhawunti, yadla nempahla yekilabhu, okwenze ayangakwazi ukuqhubeka nokusebenza.
Imizamo yomdayisi oqokwe yiSars yokudayisa le kilabhu nayo yehlulekile.
Njengoba singekho isixazululo esisebenzayo, ikomidi eliphezulu le-PSL labe seliphushela ukuthi le ilabhu idingiswe.
Umhlangano wangoLwesine bekumele uqinisekise leso sinqumo kulandela ukuvota kwangesonto elidlule.
Nokho i-Royal AM izamile ukuvimba lo mhlangano ngokufaka isicelo esiphuthumayo enkantolo ngoLwesithathu ebusuku.
Kodwa inkantolo isichithile lesi sicelo sayo ngoLwesine, yavumela iPSL ukuthi iqhubeke nomhlangano wayo.
Izindleko zesijeziso okumele izikhokhe zisho ukuthi i-Royal AM kufanele ikhokhe ngaphezu kwezindleko zomthetho ezijwayelekile.
Lokhu kufanele ukuthi sekuwaqede wonke amathemba okusindisa leli qembu ekuchithweni yiPSL.
Uma ixoshwa, iRoyal AM izolahlekelwa yisitifiketi sayo sokudlala emazingeni wonke ebhoa elikhokhelayo ngaphansi kwePSL.
IPSL kulindeleke ukuthi imemezele umphumela wokugcina ngale ndaba esidonse isikhathi eside maduze.
Lisenethini