
Bazowuchama bawuphuze abadakelwa emgaqweni
BAZOWUCHAMA bawuphuze abashayeli abaphula imithetho KwaZulu-Natal okuhlanganisa ukushayela bedakiwe ngalawa maholidi ePhasika.
NgoLwesine bekunemikhankaso ethe chithi saka kuzanywa ukuqiniswa ezokuphepha emigwaqweni yesifundazwe.
EMarrianhill Toll Plaza, uNdunankulu uMnuz Thami Ntuli, neMeya yeTheku uMnu Cyril Xaba, bebezibambele mathupha, besiza amaphoyisa abesesha izimoto ebezedlula, zilibangise eThekwini.
UNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma, uthi isixazululo senkinga yabantu abadakelwa emigwaqeni wukuthi banikwe izigwebo ezinzima.
“Abantu kabazi ukuthi uhulumeni ungena ezindlekweni ezinkulu kangakanani ngenxa yabantu abashayela bephuzile. UMnyango wezokuthutha ulahlekelwa yimali eningi ngenxa yala bantu, kanjalo nowezempilo. Phezu kwakho konke kunemiphefumulo engenacala elahlekayo ngenxa yabantu abangazicabangeli nabangacabangeli isizwe.
“Isigwebo esinzima esiyosukela eminyakeni eyisithupha kuya phezulu, singaba yisixazululo ngoba abantu kabezwa uma bekhuzwa. Bayahlawuliswa uma bephambene nomthetho, bakhokhe leyo mali, kuphele kanjalo,” usho kanje.
NeMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu usukume wazithatha nobuholi bukamasipala, amaphoyisa omgwaqo, abophiko lwezicishamlilo nabeKZN Ezemvelo Wildlife benesivimbamgwaqo kuN2.
bekuhlolwa ukuthi izomoto zisesimeni sokuba semgaqweni, abashayeli banazo izincwadi zokushayela nokuthi izimoto zithelile yini.
Kulesi sivimbamgwaqo kukhishwe amathikithi kwabatholwe beshayela izimoto ezinama-disc aphelelwe yisikhathi, kwatholwa nomshayeli obelayishe inqwaba yezinhlanzi ngaphandle kwemvume.
KwaZulu-Natal izikhulu zoMnyango wezokuThutha ezitshaliwe kwizivimbamgwaqo zingu-837, esifundazweni sonke.
INational Roads Act ithi kuyicala ukushayela unotshwala obedlula ku-0.05 gram emzimbeni.