
Ezinoju ngohlelo lokuvuselela izincwadi zokushayela
Sihle Mkhize
Kungezeka izakhamizi zaseNingizimu Africa zizithole seziphumile kwingcindezi yokuma imigqa emide ngenxa yokuvuselela izincwadi zokushayela.
IPublic Servants Association (PSA), okuyinhlangano enamalunga angaphezu kwa-25 000 ithi umnyakazo wokufaka uhlelo lobuchwepheshe besimanje kwezokuvuselelwa kwezincwadi zokushayela kumele kutuswe.
Lolu hlelo luze noMnyango weCommunications and Digital Technologies (DCDT) okuzama ukuvula inkungu kwiGlobal Digital Public Infrastructure Summit ezinsukwini.
UNgqongqoshe uSolly Malatsi ubehamba phambili ukukhombisa ukuthi lolu hlelo lungahamba kanjani kusetshenziswa iMyMzansi App ngesikhathi evula ingqunquthela.
Lolu hlelo lukhombise ukuthi kungenzenka kanjani lokhu ngemizuzu nje ngaphandle kokuchitha isikhathi eside.
“Lokhu kwethulwa kwezincwadi zokushayela ngobuchwepheshe buzonyusa izinga lithuthukise imboni yezokuthutha. Linqande nemigqa emide ebanjwayo abahlali,” usho kanje.
Lolu hlelo luhlose nokunqanda izinkinga ezifana nenkohlakalo, ukukhwabanisa njengoba kwenzeka kwizingqwembe.
Nakuba iPSA yeseka imizamo yoMnyango, kubona lolu hlelo luza nokukhathazeka ukuthi izinsizakusebenza zanele yini ukufeza lo msebenzi.
Izinsizakusebenza eseziphelelwe isikhathi nengqalasizinda kungaba izithiyo kulolu hlelo.
Ngokukamhlaziyi wezobuchwepheshe uMnuz Arthur Goldstuck uthi nakuba leli cebo lingasombulula inqwaba yezinkinga kodwa lelizwe lisekude ukulungela lolu hlelo.



