Ezokungcebeleka

Awufikanga ugalelekile Ushuni waseMzini 

Jerome Thabede

Iqembu lamantombazane asemancane asogwini oluseningizimu nesifundazwe eScottburgh, eMandawe Mission elaziwa ngoShuni waseMzini lifike ngomunye ushuni emculweni kaMaskandi.

Leli qembu lasungulwa ngo-2022 nguLucky Gebushe beno Kwanele Hlengwa.

Kube nengxoxo phakathi kwabasebenzi be phephandaba iPurpose kanye noHlengwa, ongomunye wabaphathi beqembu.

Elandisa uHlengwa uthe: Saqoqa amantombazana angu-5 ukwakha leli qembu okungu Andiswa Cele, Andiswa Vezi, Bongeka Maphumulo, Tsapelo Zwane kanye no-Olwethu Ngcobo sabuye sanezela ngamagidangoma angu-5″

Eqhuba nokulandisa uHlengwa uthi babethi bezwa amanzi ngobhoko ezinkundleni zokuxhumana, kanti umsebenzi wabi bazowuthanda abantu.

Leli qembu lithole amathuba amaningi okubalwa ukubizwa emisakazweni eyahlukene kanti ke liphinde labonakala kwisiteshi sethelevishini iKZN TV ohlelweni uGubhu lwami.

Kuyilapho liqale ukuqopha izingoma okubalwa i-EP enezingoma iziyisithupha ekhishwe ngo 2024, isihloko sithi uShuni wama 2K.

Kanti ke leli qembu libe selikhipha ingoma edla bhedu esihloko sithi Mawengane Ofresh ethokozelwe kakhulu abantu.

Leli qembu libe mantombazanyana libe selihlanganyela kanye nosaziwayo kuMaskandi owaziwa ngelika Mzukulu lakhipha ingoma esihloko sithi Forever Yena

UShuni Wasemzini udlalele izindawo eziningi okubalwa kuzo Ugu Jazz, Mother of all Maskandi Festival, baphinde baba yigxenye yabaculi kwi Dundee July ebikade ingo-19 Julay 2025.

Leli qembu selike langenela nemincintiswana banqoba okubalwa owawuse Shaka Marine neminye.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button