
Zimkhalele obehlome ezingovolo nge-AK 47 eSouthgate Mall
Uvela namhlanje eNkantolo owesilisa obhadanywe nenhlokohlela yesibhamu i-AK 47 nevolovolo.
Le ndoda ebihamba yodwa ngemoto yohlobo lweSuzuki ehlala abantu abayisikhombisa ibanjwe enxathatheleni yezitolo iSouthgate, eGoli.
Amaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence Unit abikelwe ngamadoda ehla enyuka ehlupha abantu ezifundazweni iKwaZulu-Natali neGauteng.
Abe esechazelwa ngohlobo lwemoto ahamba ngayo kanti azozithela phezu kwayo ezihambela enxanxatheleni yezitolo.
Kuthiwa akukho obekusolisa ngale moto njengoba nomshayeli wayo ubebukeka ehloniphekile.

Kuthiwa abakwasidlodlo bamqonde ngqo bamkhipha emotweni, base bepequlula ngaphakathi athola izibhamu ezimbili i-AK 47 ne-pistol.
Ngesikhathi kuhlolwa izibhamu kutholakale ukuthi le-AK 47 ibikwe emaphoyiseni asePinetown, KwaZulu-Natal ukuthi yantshontshwa.
Kusazobhekisiswa ukuthi ayikaze iwenze yini amacala.
Khonamanjalo, basale bedidekile abathengi iMeya ivala inxanxathela yezitolo yabokufika.
Imeya yaseTshwane uDkt Nasiphi Moya iveze ukuthi yena nethimba lakhe bavale isitolo esikhulu i-SaveMore Cash and Carry.
Lesi sitolo siphethwe abantu baseSomalia abasebenza ngokungemthetho ngaphandle kwelayisensi yokuhweba nezitifiketi zezempilo.
Le ndlu yokugcina impahla, ePretoria West, isebenza endaweni eklanyelwe izindlu zokuhlala kuphela.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



