
Ezokungcebeleka
Indaba egudwini eyokuthatha umfazi wokuqala kwaKhuzani
Sphumelele Mjaja
Ngemuva kweminyaka yokuzinikela emculweni uKhuzani Mpungose useqoke ukuyolobola unkosikazi wokuqala.
Lesi sinyathelo kuzoba yisahluko esisha empilweni yakhe kwazise wakhe isithabathaba somuzi eMandaba.
Lokhu akuwona nje noma yimuphi umshado kodwa udwendwe lonyaka.
Akubuzwa ukuthi kuzochwaza kuzo zonke izinkalo zaseNkandla kuheleza umoya wothando nenjabulo.
Isimemo sikhomba iMsombuluko, mhla ks-15 Disemba kusukela ekuseni ngo-10 khona eMandaba kuzobe kuvunuliwe.
Isimemo sikhishwe uyena uqobol uKhuzani ezinkundleni zokuxhumana.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



