Izindaba

Bahlonyiswe ngolwazi olumqoka abafundi bagrade 9 e-ICC

Mbali Mgodeli

UMaspala weTheku ugqugquzela abafundi baka grade-9 ukuthi bakwazi ukukhetha kahle izifundo ngonyaka ozayo.

UMasipala ukwenze lokhu ngoMsombuluko kumbukiso wokukhetha izifundo kagrade-9 nozoqala ngomhla ka-28 kuya ku-30 kuJuly eNkosi Albert Luthuli Internanal Convention Centre.

Lo mcimbi uhlanganise abafundi bagrade-9 abangaphezu kuka-1 000 abavela ezifundeni zaseMlazi, ePinetown naseMkhomazi.

Ikhansela uNkululeko Msizi Ndlovu uchaze lolu suku njengo suku olubalulekile kubafundi njengoba kumele benze izinqumo ezizoshintsha izimpilo zabo.

Ubuye waququzulela abafundi ukuthi bangakhethi izifundo ngoba belandela abangani, noma abazali kodwa bakhethe izifundo ezizobasiza ekutholeni imisebenzi.

UVeena Naidoo oqamuka kuMaspala uthi: “Abafundi abakethe izifundo zeScience kanye neMaths ukuze bakwazi ukungena naku Nyuvesi, kuzobuye kuba size nase kutholeni imisebenzi kalula”.

Umfundi u-Andile Khumalo ophuma kwispecial school ujabule kakhulu ukuthi uthole ithuba lolwazi ngokubaluleka kweMaths.

“Bengingayithandisisi iMaths kodwa manje sengibonile ukuthi kumele ngiyifake ezifundweni zami ngonyaka ozayo ukuze kube lula mesengifika eNyuvesi” kusho u-Andile

“Ngyafisa lamathuba ukuthi atholakale kubona bonke abafundi kwisifundazwe saKwaZulu-Natal ikakhulu izindawo zase makhaya” kusho uNkululeko.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button