Izindaba

Igcagcele esokeni kwabafisa ukungena emaPhoyiseni

Zingena zilakanyana izicelo zalabo abafisa ukungena embuthweni wamaPhoyisa kuleli kwazise kusanda kuvulwa.

Okhulumela amaPhoyisa eNingizimu Africa uColonel Amanda van Wyk, uthe izicelo ezizokwamukelwa ezabantu abasha abeneminyaka ewu-18 kuya ku-35.

Unqamlajuqu wokufaka izicelo ungomhla ka-13 November kanti bawu-5 500 abantu abasha bakuleli abazonyelwa yinyoni esandleni bathole ithuba lokungena kulo mbutho ohlezi usematheni.

“Uma uwumuntu omusha ophile saka emzimbeni, unothando lezwe lakho, leli yithuba lakho,” kusho uColonel Amanda van Wyk.

Uphinde wakugcizelela ukuthi abazofakla izicelo kudingeka kube ngabantu abangakaze benze icala baboshwe futhi kungabi abantu ababhekene namacala athile ezinkantolo.

Ngo-2025, lo mbutho wasungula ubuchwepheshe bokufaka izicelo online, uColonel van Wyk, uthe intsha ingasebenzisa lobu buchwepheshe.

Ngokwalobu buchwepheshe, abafaka izicelo kumele baqala bafake imininingwane yabo benze okubizwa nge-profile, kuyima bekwazi ukuqhubeka nokufaka isicelo.

Lobu buchwepheshe buyakwazi ukubheka ukuthi ngokukamazisi wakho, ngabe ungowaseNingizimu Afrika ngempela nokunye.

Okubalulekile ukuba nesitifiketi sikaMatric noma NQF Level 4.

Abashiywa ngaphandle labo asebefunde bagogoda kwezomthetho, policing, criminology, forensic investigation kanye ne-IT.

Kuzoba khona nohlelo lobuchwepheshe bama-QR Code umbutho osazobuthumela nakwabezindaba ukuze kube lula ukuvele ungene kwi-portal ufake isicelo.

Related Articles

Back to top button