Izindaba

Ifu elimnyama amaphoyisa efa ezigamekweni ezahlukene

Kubulawe iphoyisa elinguContable elokishini eHammarsdale, eMpumalanga kanti umsolwa omkhulu intombi yakhe nayo eyiphoyisa.

Ngesikhathi umsolwa onguSergant ehlasela umgilwa ubesathathe ikhefu emsebenzini, umufi ulimele kwesingenhla, okwamanje akucaci imbangela.

Uphuthunyiswe esibhedlela nokho kwamenela ukufa.

Kusolakala udlame lwasekhaya nokuyinto eholele ekufeni kwakhe.

Umsolwa usebenza ophikweni lweCrime Intelligence.

Khonamanjalo iphoyisa lesilisa lifele engozini emva kokushayisa imoto yamaphoyisa eXobho ebusuku bayizolo.

Owesifazane abehamba naye ushone ephuthunyiswa esibhedlela namhlanje ntathakusa.

Umufi obenguConstable ogcine ngokushona ubehamba nabagibeli abathathu nengane bashayise iveni ebishayelwa ngelinye iphoyisa.

Iphoyisa eligcine ngokufa belisebenza ePort Shepstone ophikweni lwePOP.

Related Articles

Back to top button