Izindaba

Udilikajele kobulele umhlengikazi bezodivosa

Sihle Mkhize

Usekude ukubona ilanga uma angeke aphume ngebhokisi uMnuz Fannie Seribishane (59) ogwetshwe udilikajele neminye iminyaka ngaphezulu yiPolokwane High Court.

Ugwetshelwe icala lokubopha itulo lokubulawa kwankosikazi wakhe uMamsy Seribishane (52).

UMamsy obengumhlengikazi wadutshulwa wabulawa ngomhla ka-22 October 2024 eyongena emsebenzini eLebowakgomo Hospital.

Wabulawa indoda ‘engaziwa’ eduze kwesango ntambama neyagcina ibaleka ngeVolkswagen Golf 7 emhlophe.

Icala lokubulala lavulwa esiteshini samaphoyisa eLebowakgomo lagcina lidluliselwa kubaseshi esifundazweni laholwa uCaptain Phaladi Makola weProvincial Tracking Team.

Uphenyo lwalumbanisa umkhwenya kamufi, kwagcina kuvela ukuthi bebe semalungiselweni okuklebhula incwadi yomshado.

Ngale kwalokho kwase kunencwadi yamaphoyisa ebevimbela owesilisa ukuthi angabe esasondela kumufi.

Emva kokubaleka waya ekubhaceni wabanjwa waboshwa ngomhla ka-13 November 2024 ethi uyoqoqa okungokwakhe lapho eyehlala khona.

Amalunga eProvincial Tracking Team and Provincial Investigation Unit ambhadama athola ne-9mm pistol kuyena.

Leso sibhamu kwatholakala ukuthi santshontshwa eSeshego ngoJune 2024.

Lesi sibhamu kwavela ukuthi yiso esabulala umufi.

Ngesikhathi iJaji uKarin Leanee Pillay limgweba liveze ukuthi umsolwa akakhombisanga ukuzisola ekubeni wakuhlela ukwenza leli cala.

Ecaleni lokubulala uthole udilikajele, elesibili lodlame lasemndenini kwaba iminyaka eyosithupha.

Elesithathu lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni wathola iminyaka engu-15 kwathi elokubanjwa nezinhlamvu ezingekho emthethweni wagixabezwa ngeminyaka eyisithupha.

UKhomishana wesifundazwe uLieutenant General Thembi Hadebe usamukele isigwebo seJaji wancoma namaphoyisa ngokuzinikela.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button