
Kuqhilika izihlathi kukhomishana wamaphoyisa eGoli
Kuqhilika izihlathi kuKhomishana wamaphoyisa eGauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni.
Lokhu kuza emuva kokuthi ubugebengu kule sifundazwe behle ngo-5.2% phakathi kukaJanuwary noMarch 2026.
Amacala okubulala ehle ngo-15%, awokudlwengula ehle ngo-9.9%, kanti awokudunwa kwezimoto ehle ngo-17.1%.
Ngaphansi kwe-Operation Shanela 2, amaphoyisa abophe abasolwa abangu-36 122, athola izibhamu ezingu-278, izimoto ezebiwe ezingu-163, aphinde ashaqa izidakamizwa ezingaphezu kuka-1 600kg.
UMthombeni uncome ukubambisana phakathi kwamaphoyisa, uhulumeni nomphakathi, wathi yikho okusiza ekwenzeni iGauteng iphephe kakhulu.
Khonamanjalo umphakathi wase-Osizweni eNewcastle bewukade uhlangene namaphoyisa ufuna izimpendulo ngokuqhubekayo mayelana nokufa kwaMengameli waleli bandla uThami Nkonyane.
Bafuna ukwazi ukuthi kwenzekani ngomzimba kaNkonyane osanda kutholakala.
Okwamanje ithuna leli okuthiwa ungcwatshwe kulona lisagadiwe, ukuze kungezubakhona muntu ozidalelayo kuze kube ukuthi inkantolo ikhipha imvume yokuthi isidumbu sakhe sigunjwe sikhishwe ngokusemthethweni
Nakube umndeni bewufisa ukuthi lube namhlanje uhlelo lokugunjwa, kukhishwe isdumbu sakhe , akubange kusaba kanjalo. Makhulu amathuba nokho okuthi ukugunjwa, kukhishwe isidumbu kwenziwe ngoLwesithathu.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



