EzokungcebelekaRadio

IMetro FM Talk ihlabane ngendondo ehlonishwayo emhlabeni

Sindiswa Nxumalo

Uhlelo lwezindaba kwiMetro FM, iMetro FM Talk olusakazwa uFaith Mangope seluthole ukuhlonishwa emhlabeni wonke.

Lokhu kuza ngemuva kokunqoba kwiNew York Festivals Radio Awards esigabeni esibizwa nge-“Holding Power to Account.”

UFaith umemezele le mpumelelo emoyeni ngoLwesibili kusihlwa.

Le mpumelelo uyichaze njengento enkulu futhi wabonga abalaleli ngokwesekwa kohlelo izingxoxo, izimpikiswano kanye nokulalelwa nsuku zonke.

“Siletha indebe ekhaya, Ningizimu Afrika,” kusho umsakazi ngokuziqhenya.

Ubetshela abalaleli beMetro FM Talk ukuthi uhlelo lwezingxoxo oluwine umklomelo wamazwe ngamazwe.

Umsakazi uphinde wancoma ithimba elincane elikhiqiza lolu hlelo, okubalwa kulo umdidiyeli omkhulu uMusi kanye nomdidiyeli wezobuchwepheshe u-Abraham.

Uthi bazimisele ukuxoxa izindaba zangempela zaseNingizimu Afrika nokwakha izingxoxo ezibalulekile ezweni.

“Sikhathalela kakhulu inkulumo-mpikiswano yaleli zwe nokunikeza iNingizimu Afrika ithemba,” kusho yena.

Abalaleli nabo bagubhe le mpumelelo, abaningi bethi le ndondo ibibafanele kudala.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button