Izindaba

Usatokile udokotela osolwa ngokupotoza abesifazane

Zakithi Mnguni

Udokotela oneminyaka engu-69 womdabu waseNdiya oboshiwe eNewcastle ubhekene namacala amane.

Uvele kancane enkantolo kaMantshi eNewcastle kulandela izinsolo zokuhlukumeza ngokocansi ezibhekiswe kuye ezibandakanya iziguli zabesifazane.

NgokweSouth African Police Service (SAPS), lezi zigameko kuthiwa zenzeke esibhedlela eMadadeni phakathi kuka-Agasti 2025 no- Ephreli 2026.

Amaphoyisa athi umsolwa kuthiwa ubethinta iziguli ngendlela engafanele futhi kwezinye izikhathi ebaphoqa ukuthi benze izenzo zocansi kuye.

Lolu daba luvele ngemuva kokuthi izisulu zibikele umuntu owaba ngumthombo wolwazi (whistleblower), owabe esebika ngokungaziwa eziphathimandleni.

Amalungu ophiko lweFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) alandele lolu lwazi, kwase kuqalwa uphenyo ngemuva kokuvulwa kwamacala ngokusemthethweni.

Umsolwa useboshwe futhi kulindeleke ukuthi avele enkantolo kuleli sonto elizoqala.

Amaphoyisa athe kungenzeka kwengezwe amanye amacala uma kuvela ezinye izisulu.

Iziphathimandla zikhuthaze noma ubani onolwazi noma othintekile ukuba abikele amaphoyisa.

Omunye wesizwe owayekhuluma nabezindaba zethelevishini uthi kwaphoqeleka ukuthi adube angabe esathatha ngisho amaphilisi emuva kokugilwa yilo udokotela.

Uthi wehlelwa ilo mshophi eyokhipha ukhonkolo engalweni kodwa lo dokotela weyemthintathinta amabele ethi “ezomsiza kahle”.

Uthi wayemphoqa nokuthi athinte ubuntu bakhe lo dokotela, waphuma egumbini engayithandi indaba waze wabikela umhlengikazi owayekhona.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button