Izindaba

Ubuye ephila uMazwi obethunjelwe ukudayisa eSpaza

Liyah Mseleku

Utholakale ephila uMazwi Kubheka (27) obese kunesikathi eside waduka engatholakali.

Amaphoyisa athi uzifikele mathupha eVosloorus Police Station, eGoli, kube sekuboshwa abasolwa abane.

Ukutholakala kwakhe kube ingcindezi efakwe ngamalungu omphakathi eGoli namaphethelo ngoLwesihlanu.

Izinsolo bezikhomba ukuthi wathunjwa abokufika.

Izakhamizi zaseVosloorus ziphume zagcwala izitaladi zithi kumele zivalwe zonke izipaza zabantu bokufika.

Kule mashi ebiqhubeka bekukhona noNkosikhona Phakel’umthakathi Mhosh’Odungulwandle Ndabandaba, osezakhele udumo ngokutshengisa ukungabafuni abantu bokufika abakuleli ngokungafanele.

Ngokombiko uKubheka (27)  wathunjwa ngenxa yokuthi akafuni ukuyeka ukudayisa kwiSpaza, okade kusebenzela kuso owokufika nowaxoshwa umphakathi wakhona eVosloorus Ext 9.

Kwathi esexoshiwe owokufika kwangena yena uKubheka wadayisa akuphelanga izinsuku eziningi wanyamalala wangaphinde watholakala.

Kuthiwa bebemphoqa ukuba ayeke ukudayisa yena enqaba, waphuma eya ebhange ukuyofaka imali wangaphinde wabuya kanti umndeni wakhe usola indaba yesitolo ngokulahleka kwakhe.

Omunye wesifazane ochazwe njengoNelisiwe okhulume nabezindaba zakwa SABC uthe yinto esijwayelekile ukunyamalala kwabantu kule ndawo.

“Ingane yami yomfana yanyamalala ngo-30 April 2005 yahamba nezinye izingane ukuyojaiva ayiphindange yabuya. Ngithe uma ngizwa ngale ndaba kaMazwi inhliziyo yami yaba buhlungu ngathi angize la.

“Abantu la eVoslorous bayalahleka, sengathi balahleka zinyanga zonke. Kulo mgwaqo engikuwo kwalahleka ubaba womuzi wacingwa engatholakalanga.

“Owami umntwana kwagcina kuthiwa washayiswa imoto emgaqweni uthelawayeka. Kwathiwa engiphuthume emakhazeni eGermiston, kwaphinda kwathiwa usengcwatshwe uhulumeni,”

“Ngalandelela kwambiwa isidumbu kwagcina kuvela ukuthi akusiye. Emva kwalokho angiphindange ngaluthola usizo,” usho kanje.

UNdunankulu wesifundazwe eGauteng uPanyaza Lusufi noKhomishana wamaphoyisa kulesi sifundazwe uLieutenant-General Tommy Mthombeni bazoba nesithangami sabezindaba namhlanje ngo 10:UNdunankulu ekuseni.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button