Izindaba

Zishiye kungekho lutho izigebengu ezithumbe uthishanhloko

Sihle Mkhize

Zishiye kungekho lutho ebhange izigebengu ebezithumbe uthishanhloko eMkhazini izolo ebusuku.

Lo thisha oneminyaka engu-55 ubudala uthunjwe abesilisa abahlanu abebehamba ngeToyota Avanza.

Ngesikhathi bemthumba bantshontshe izimpahla zakhe okubalwa nobhazabhaza weTV.

Lezi zigelekeqe bezilandelwa amaphoyisa akwaMakhutha naseNanda nokuholele ekutheni batholwe eNewtown A.

Umgilwa utholwe yedwa endlini kumattess eboshwe izandla.

Uzothola usizo lodokotela emva kwalesi sigameko, neTV itholakele.

Umgilwa ubanjwe ngezikhathi zabo 8:00 izolo ebusuku kufike abantu bamkhomba ngesibhamu bamfuna imali.

Ngesikhathi ehlelwa yilo mshopi umgilwa ubebuya kovala esitolo sakhe eMlazi ka-Z njengoba ehlala eMkhazini.

Kuthe uma esevulelwa isango kwaqhamuka abafana abathathu bakhomba u-auntie naye bamkhombe ngesibhamu bathi angabe esavala.

Bafune imali kumgilwa bathola lena kade ebuya nayo esitolo kodwa bathi incane leyo.

Bangene endlini bavalela izingane ekamelweni bapequlula endlini bathatha TV naye nomgilwa.

Related Articles

Back to top button