Izindaba

Obengumsakazi woKhozi FM usule izinyembezi umndeni

Liyah Mseleku

Obengumsakazi woKhozi FM uSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha usule izinyembezi zeminyaka umndeni obuhlwempu.

NgoMgqibelo uvule indlu eyisakhiwo ayakhele umndeni wakubo ngesibongo (Mbatha) eVryheid.

Lo mndeni ubusuhlale iminyaka endlini yodaka nengaphaphile ezimweni ezimbi zezulu.

Lokhu kulandela isicelo sosizo esenziwa yindodakazi yalo mndeni ezinkundleni zokuxhumana, ikhala ngokuthi bahlala ngaphansi kophahla olusengozini yokuwa.

Lendlu yodaka ibengawo ugesi futhi indodakazi eyayizikhalela ezinkundleni zokuxhumana yaveza ukuthi ayisebenzi nakuba ineziqu.

Udaba lwabo lwathinta izinhliziyo zabantu abaningi okubalwa naye uSgqemeza owenza imizamo yokuthi lo mndeni wakhelwe indlu.

Ukubambisana kukaSgqemeza nezinye izinhlaka kanye noSodolobha wabaQulusi uKhansela Sifiso Mkhwanazi kuholele ekwakhiweni kwendlu entsha enamagumbi amabili okulala, ikhishi, indawo yokuphumula kanye nendlu yangasese.

Le ndlu iphinde yafakwa ifenisha kanye nogesi.

Ngaphezu kwalokho, indodakazi yalowo mndeni ithole ithuba lomsebenzi lezinyanga eziyisithupha enkampanini iM-Tech, okungase kuholele ekuqashweni ngokugcwele.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSgqemeza usanda kulahlekelwa umsebenzi kuKhozi FM njengoba ingavuselelwanga inkontileka yakhe nakuba eneminyaka engaphezu kwa-20 ayibamba ishisa.

Related Articles

Back to top button