Izindaba

Kuqhume inganono kwafa umuntu abanye basinda ngokulambisa

Sihle Mkhize

Kukhala isigwagwaga eGauteng njengoba sekubulawe umuntu oyedwa omunye wasinda ngokulambisa bemzama.

Lesi sigameko senzeke e-Ormonde, eNingizimu neJohannesburg.

Iziphathimandla zithi kulesi sigameko kubandakanyeka izimoto ezintathu ebezijahana ngaphambi kokuthi kuqhume inganono.

Akwaziwa ukuthi yisiphi isizathu esiholele kulokhu kudubula.

Khonamanjalo, amaphoyisa esebemza eGauteng Highway Patrol athole ucingo mayelana neToyota Corolla ebizama ukubamba inkunzi kuhlonyiwe isivakashi ehhotela eSandton.

Abe esethinta iJohannesburg Metro Police nonogada ukulandela umkhondo.

Amaphoyisa azithele kwimoto ebisolisa kuKatherine Street inamadoda amathathu ngaphakathi.

Amaphoyisa azame ukuyimisa le moto kodwa yabaleka.

Abasolwa ababili baphume imoto ihamba bagcwala izinkalo kwagcinwa kubanjwe umshayeli.

Ngesikhathi kuseshwa kutholakale izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni, izinhlamvu namagloves.

Imoto yona kutholakele ukuthi yaphangwa eDaveyton ngoFebruary 2.

Umsolwa uzobhekana necala lokutholakala nemoto ephangiwe, izibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu, nokushayela budedengu.

Kusathungathwa abasolwa ababili abagcwele amathafa.

Related Articles

Back to top button