
ULinda “Mr Magic” Sibiya ulijoyina ngempela iGagasi FM kanti uFelix Hlophe akayi ndawo.
Lokhu kuqinisekiswe umthombo weNews Avenue.
USibiya kuvela ukuthi uzongena ekuseni ngo-4 kuya ku-6. Kulolu hlelo uSibiya kulindeleke ukuthi agqugquzele kakhulu abalaleli beGagasi FM kwazise kuzokube kuqala usuku.
Lo msakazi uke wazakhela udumo kuKhozi FM ngazo izinkulumo ezakhayo.
“Empeleni bekungeke kube lula ukuthi ufake uLinda kunoma iluphi uhlelo, kwazise lo msakazo ukhuluma kakhulu nabantu abasha kodwa lolu lokubuyisa ithemba lizomfanela kakhulu,” kubeka umthombo ocele ukungadalulwa.
Phambilini iThe Purpose yaxoxa noSibiya ngomhla ka-28 February mayelana nokuba ngumsakazi weGagasi kodwa waphendula ngohleko olude wangaphumela obala.
Ngakolunye uhlangothi kuvela ukuthi akulula ukuthi lo msakazo udedele uFelix. Kuthiwa abalaleli bamthanda ngendlela eyisimanga kanti wenza kahle nasekungeniseleni umsakazo inzuzo.
Kuthiwa zingakhona izinkulumo ezimmatanisa neminye imisakazo kodwa uFelix oweGagasi FM.
Kunezindaba ezithi, uNokwanda Tema obesezakhele olukhulu udumo ngendlela abika ngayo ngokwenzeka emgwaqeni uyashiya kulo msakazo.
Kuthintwa isikhulu seGagasi FM, uKhulekani Shandu okhulumela lo msakazo uphendule wathi:
“Angeke ngiphawule ngezinguquko zasemoyeni okwamanje ngoba izingxoxo zisaqhubeka. Sizoba nesithangami sabezindaba maduze lapho sizomemezela khona ngokusemthethweni izinhlelo zalonyaka,” kubeka uShandu.
Khonamanjalo, iMetro FM elandelwa yizinkumbi zabantu ngeke iyishintshe iLine Up yayo yango 6-6 nsukuzonke.
Ekuseni kungena uDJ Sabby olandelwa uKhutsoledi, yena odedela uLerato Kganyago okhishwa uTbo Touch ngo-6.
Umthombo ongaphakathi osondeleni neNews Avenue uthe lezi zinhlelo zenza kahle kakhulu ngabalaleli kanjalo nasekungeniseni inzuzo. Uphinde wadalula ukuthi no 6-6 wangeSonto uzobuya njengoba unjalo.
Naku KE Masinga, kuKhozi FM kuvele ukuthi uNongcebo McKenzie uyabuyela kulo msakazo.



