Izindaba

Afike qathathatha kwancane indawo amasosha akuleli

Lethukuthula Zulu

Afike qathatha amasosha ajutshiwe iSANDF eRiverlea, nase-Eldorado Park ukulwa nodlame lwamaqembu ezigelekeqe eGoli ngoLwesithathu
ekuseni.

Lokhu kulandela isimemezelo sikaMongameli uCyril Ramaphosa enkulumweni yesizwe ngenyanga edlule ukuthi amasosha azosatshalaliswa ezindaweni ezikhahlamezekile.

Ajutshwe ukulwa nodlame lwamaqembu ezigelekeqe kanye neZama Zama amba izimayini ngokungemthetho.

Kulindeleke ukuthi lolu hlelo lokuthunywa kwamasosha luqhubeke kuze kube sekupheleni kwaMarch wonyaka ozayo.

UKhomishana wamaPhoyisa kazwelonke uFannie Masemola uthe noma ethunyelwa amasosha kodwa lokho akusho ukuthi azogcwala imigwaqo ngokuphuthuma.

Zine izifundazwe eNingizimu Africa okuthiwa iSANDF izifika isingadle nkobe zamuntu.
Kanti uMasemola kanye nabanye abaphathi abaphezulu bombutho wamaphoyisa aseNingizimu Africa babikele amakomidi ePhalamende kanye nePotreleum Resources Committees ngalolu daba.

Related Articles

Back to top button