
Zibakhalele abadayisa ngaphandle kwezimvumo Ethekwini
Balale bebabliwe abokufika kuleli abane abatholakale bedayisa kumaspaza shops eMlaza bengenazo izimvume zokuba sezweni, kanjalo nezokuba nama Tuckshop.
Laba baboshwe ngesikhathi uphiko lakwaMasipala weTheku lwakwa-Environmental Health Services, esifundeni saseNingizimu, luqhuba umkhankaso elokishini laseMlaza kusukela ngoLwesibili.
NgoLwesithathu leli thimba belisezigcemeni zakwa-Q nakwa-U, luhambisana nolwakwa Supply Side Area Based Operations, kanjalo namaphoyisa kaMasipala, iDurban Metro Police, abakwaBusiness Support namaphoyisa akwaSouth African Police Services (SAPS).
Lo mkhankaso kuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukuthi amaspaza shop anawo amalayisense okuhweba.
Futhi alandela imigomo ebekiwe yokuhweba, kanjalo neyezokuphepha nokuhlanganisa ukuqikelela ukuthi okudliwayo kusingathwa ngendlela engenabungozi, ukuze kuvikeleke abathengi.
Yize isimo sezulu besingesihle, eMlaza, kodwa angu-11 ama tuck shop ahloliwe, nokutholakale ukuthi akukho neyodwa kuwona anemvume.
Benikezwe izexwayiso ezibhalwe phansi ukuze bathole amalayisense ngokushesha, ngale kwalokho avalwe thaqa ezinsukwini eziyisikhombisa kusukela namuhla.



