
Kuphume isidumbu kwiBootcamp eqondisa izigwegwe
Sindiswa Nxumalo
Sehlelwe yifu elimnyama isikhungo sokuhlumelelisa izimilo nokuqondisa izigwegwe emakhaya nentsha engene shi ezidakamizweni.
Lokhu kulandela ukuthi enye yezingane ilahlekelwe impilo yayo kwiBootcamp esesifundazweni iMpumalanga.
Kusolakala ukuthi isisulu besizama ukweqa kodwa sabanjwa sapanishwa ngakusasa sacela ukubonana nodokotela nokuyilapho siphelele khona.
Le nkambi isikhiphe istatimende mayelana nalolu daba iveza ukuthi isisulu sasilethwe umndeni waso ngenxa yokusebenzisa izidakamizwa ngokweqile nokuba undlavini.
“Emavikini amabili kwinkambi yethu, lo mfana uke wazama ukweqa ehlangene nabanye kepha babanjwa bapanishwa ngokuzivocavoca,” kusho isitatimende.
Siqhubeke sathi ngosuku olulandelayo umfana waphuthunyiswa esibhedlela emva kokungazizwa kahle kanti usezoshona.
Konke lokhu kwenzeka nje umsunguli wale nkambi uGeneral Inkosi Madlokovu wayengekho ese-Eastern Cape eyolungiselela ukuyovula enye inkambi kulesi sifundazwe.
UMadlokovu ukwazile ukuxhumana nomndeni ukuze abhonge emswaneni.
Lolu daba selusezandleni zamaphoyisa.
IBootcamp nomndeni bacele ukunikwa lesi sikhathi ukuze bazile.



