Ezemidlalo

IChiefs nengcindezi komkhaya icanda iMarumo

IKaizer Chiefs inqobe umdlalo obuse Dr Petrus Molemela Stadium, eBloemfontein ngo 1-0 icanda iMarumo Gallants.

ULebohang Maboe useveze okube umehluko kulo mdlalo weBetway Premiership ngoLwesithathu.

“Kube yizinyanga ezinzima kimi lezi ezimbalwa ezidlule,” kusho uMaboe oqokwe njengodlali ovelele.

“Ngibonga uMdali ngethalente angiphe lona, nethuba engilitholayo lokuba senkundleni.

“Ukubuyela emdlalweni, bekungelula ngoba besibhekene neqembu elithanda ukulawula umdlalo.

“Kodwa ngicabanga ukuthi yithina ebesiwufuna kakhulu umphumela omuhle futhi yingakho siwutholile namuhla.

“Uma ngingachaza indlela engidlale ngayo ngingathi beyiyinhle kakhulu. Bekumele ngehlise izinga lomdlalo.

“Umdlalo bewubuye usheshe ngakho bekumele ngiwehlise ukuze sibuyise ukuzethemba ngokuba sebholeni.

“Ngicabanga ukuthi sikwenze kahle lokho esiwombeni sokuqala, kwesesibili akubanga kuhle kangako.

“Kodwa okubalulekile njengamanje wukuthi siwutholile umphumela ebesiwufuna,” kuqhuba uMaboe.

IChiefs iphinde yanqoba ngalokhu esibhakeleni okungabizwa ngomcacamezelo womlalisa phansi – iqhamuka negoli kungalindelekile.

UGlody Lilepo udedele ishodi ekude nepali ngakwesokudla – lamudla akangakholwa uWashington Arubi obesezintini kwiGallants.

Cishe lo nozinti ubezitshela ukuthi uLilepo usazoligoba ibhola njengoba ebengekho endaweni obungalindela ukuthi engakhahlelela ipali.

Leli goli libe ngelanele ukuthi Amakhosi athole amaphuzu aphelele, bese egxuma eqa i-Orlando Pirates aye endaweni yesibili kwilogi.

Lo mphumela ubuye wafakela iPirates ingcindezi yokuthi kumele nakanjani inqobe emdlalweni wayo olandelayo ukuze ibuyele eqhulwini.

Izobhekana neMagesi ngoMgqibelo. IChiefs yona izobhekana neZesco United emdlalweni weCaf Confederation Cup.

Lisenethini

Related Articles

Back to top button