
Ihhotela ‘ekuputshuzeni’ osaziwayo abashendezanayo
Morgan Ngwazi
UMihlali Ndamase kanye nesoka lakhe elisha laseNigeria elishadile uClem Kileh bafuna ukumangalela iSaxon Hotel.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi kuputshuke izithombe zabo kuleli hotela ngalokho bathi kwephulwe amalungelo wabo.
Emasontweni amathathu edlule, uMihlali Ndamase noClem Kileh babechithe ubusuku eThe Saxon Hotel futhi babonwa behamba ngakusasa ekuseni.
UMihlali Ndamase noClem Kileh bakholelwa ukuthi ngabasebenzi baseSaxon Hotel ababebabonile base beputshuza imininingwane. Ngakho-ke, babheke ukumangalela lesi sikhungo.
Lapho ethola ngalolu daba, unkosikazi kaClem Kileh useze washaqa iMercedes Benz G Wagon.
Lezi zindaba zivezwe uMusa Khawula enkundeni yezokuxhumana iX.
UMihlali Ndamase akaqali ukuba sematheni ngezindaba zomjolo phambilini ubesematheni nomjolo noLeero Sidambe.
Mhla kugashuka ucu kwavela izindaba zokusetshenziswa kwezidakamizwa.
UMihlali wafaka isithombe sakhe elimele udebe eshayeke nasesiphongweni ku-Instagram.
Abantu bakhwele badilika kuLeeroy bemsola ngokuba umhlukumezi.
Nokho lo mlisa wadedela isitatimende eveza ukuthi uMihlali wake wazama ukumgwaza kodwa wahlengwa indodana.
Wabuye waveza ukuthi uMihlali ubevamisile ukuthi afune ukudla amfele njalo uma esedle izidakamizwa.
“Ngomhla ka-8 August uMihlali Ndamase uke wazama ukungithinta ngocingo izikhawu eziwu-78 wangangithola ngoba ngase ngizumekile. Wasuka lapho uMihlali watheleka emzini wami waphoqa indodana yami ukuthi imvulele ngenkani”
Ngokukhumbula komfana wami wafika waqonda ekhishini wabuya nommese efuna ukungigwaza ngoba engisola ngokuthi angithembekile,” wacashunwa esho kanjalo.



