
Kubulawe (4) abanye baboshwa bephantela uKhisimusi
Aphelele Cebekhulu
Amaphoyisa asebenza ngaphansi ngophiko uLundi Tactical Response Team (TRT), abophe abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-50 no-61 ubudala eMakhasaneni, Melmorth.
Abasolwa babanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi amaphoyisa ethole umbiko mayelana nabantu abebephethe izibhamu ezingekho emthethweni.
Awapholisanga maseko anikela eMakhasaneni afike enza umkhankaso, nokulapho ethole khona izibhamu ezinhlanu ezingoqhwasha, esikhulu sokuzakhela, ispecial revolver, esincane kanye nezinhlamvu.
Labasolwa bahlulekile ukuveza amaphepha nezimvume ezifanelekile zalezi bhamu.
Babe sebeboshwa babekwa amacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Khonamanjalo, kushone abasolwa abane okugetshengwa kwezimoto zemali ngesikhathi abasolwa bedubulana namaphoyisa kanye neMagma Security and Investigations ngoLwesithathu ngaseCamperdown.
UShaheen Suleiman, ongumnikazi weMagma Security and Investigation, okhulume nabe-The Witness uthe sekunesikhathi belandela umkhondo wabasolwa, kusolakala ukuthi bagebenge imoto yemali eBulwer.
Onogada behambisana namaphoyisa ngesikhathi bevimba imoto yohlobonlweSuzu omhlophe ebihamba abasolwa.
Abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni nonogada, bashona ngesikhathi sokudubulana. Kutholakale izibhamu, iziqhumane kanjalo nemali



