Izindaba

Isexwayiso esishubile enkosini uZondi kwabathuka iSilo

Bahle Mkhize 

INkosi yaseMzinyathi uMalusi Zondi, ukhiphe isexwayiso esishubile kulabo abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuchapha ngenhlamba iSilo uMisuzulu KaZwelithini.

UZondi uthi bazowuchama bawuphuze.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNondaba usanda kugixabezwa ngesinye isihlalo esibalulekile eNdlunkulu, ukuhambela amazwe ahlukene egameni leNdlunkulu kaZulu njengomxhumanisi wamakhosi.

ISilo lokhu sikumemezele emcimbinini obuseMzinto, kugcotshwa iNkosi uMbuso Ngcobo.

UZondi uthi iSilo akumele sithathwe kancane.

“Abantu abakhuluma noma ikanjani abangasihloniphi iSilo sike sibabone  ezinkundleni zokuxhumana, labo bantu sabafuna, sobathola sobaqondisa futhi”

“Abantu kumele bakwazi ukugada ulimi. Bangakhuluma noma ikanjani kodwa uma kuziwa kuNgangezwe lakhe bazi ukuthi bayathoba,” kusho inkosi uZondi.

Ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule umdidiyeli wamabutho kaZulu ngaleso sikhathi uMnuz Sipho “Masefa” Mhlongo, wathi uyafisa ukuthi abakwaMakhanya bamlethe uMax azochaza kabanzi ngahlezi ekusho ezinkundleni zokuxhumana.

AbaNtwana baseNdlunkulu, amakhosi nabadidiyeli bamabutho baphonsela inselelo ubukhosi bakwaMakhanya ukuba busukumele udaba lukaMax, ojwayele ukushiya angalazi kwiSilo.

Lokhu bakusho ngesikhathi benesithangami nabezindaba, Bervely Hills Hotel, eThekwini.

Khonamanjalo, iSilo sesiphinde saqoka uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukuba abe undunankulu kaZulu.

UButhelezi ufungiswe ngokusemthethweni oNdini, izolo.

UButhelezi akamusha kulesi sikhundla njengoba eke wasibamba ngo-2024 wabe esexoshwa ekuqaleni kwalo nyaka.

Buthelezi waxoshwa emva kwezikhalo zokuthi usebenzisa isikhundla sakhe ukulwa izimpi zepolitiki.

IMbube ibiqhubeka nokukhombisa ukumethemba uButhelezi nangesi khathi exoshiwe esikhundleni njengoba ibimjuba ukuba enze imisebenzi ebalulekile yesihlalo.

Phakathi kwalemisebenzi iSilo saqoka uButhelezi ukuba ahole ithimba laso elalijutshwe ukuba lilwe nemizamo yokuvalwa kwebhange Ithala.

Related Articles

Back to top button