
Imbibizane kwabathela inhlabathi ephalishini likaNgizwe
Liyah Mseleku
Ashaye phansi kwashunqa uthuli amalunga enhlangano yabathandana nabobulili obufanayo.
Impi yabo noNgizwe Mchunu bese beyithuthele enkampanini edayisa izimoto iJAC Motors ngenhloso yokuthela inhlabathi ephalishini lakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMchunu waxhaswa yile nkampani ukuba yinxusa.
Muva nje uMchunu usematheni ngokuhlasela ngamazwi izitabane mayelana nokusetshenziswa kwemvunulo kaZulu uma zishadana.
Abakwa JAC Motors baziqhathululile.
“Sicela ukucacisa la, ubedlelwano bethu noNgizwe ekubeni yinxusa kwaphela ngonyaka ka-2023. Okulandela lokho wabe esezithengela imoto,”
“IJAC Motors neJAC Halfway bayaziqhelelanisa nezenzo zikaNgizwe. Imibono yakhe ayihlangani nathi,” basho kanje kwisitatimende.
Akukhona okokuqala uNgizwe ebhekana nesimo esifana nalesi, phambilini inhlangano yepolitiki i-EFF yakwenza kwaba yompumelelo.
Ngaleso sikhathi uNgizwe wayebhekene ngeziqu zamehlo noJulius Malena kodwa emva kwesikhathi wabuye wanikwa imoto.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgizwe ngeSonto ubhekane ngeziqu zamehlo nezinduna zakwaMai Mai, eGoli namaphoyisa emvimba nequlu Iezinsizwa.
Le mashi uMchunu uyibize ngokuthi uvikela iSintu nenvunulo uqobo.
UMchunu wawotha ubovu wagxeka lesi senzo ethi kuthunazwa invunulo yamakhosi nabaholi nomphakathi.
UNgizwe uyiyise kwaMai Mai le mashi okuyindawo ehanjelwa uwonkewonke kwazise kudayiswa inyama yokosa nokunye okuningi.
Nabathandana nabobulili obufanayo abapheli kule ndawo eyintandokazi.
Izinduna zakule ndawo namaphoyisa bashaye phansi ngonyawo bevimba uMchunu nequlu ebelivunule ngemvunulo kaZulu sengathi lithelwe ngezibonkolo.
UNgizwe ubonakale ephoxekile njengoba egcine engangenanga kule ndawo ukukhuluma nesizwe ‘sakhe’.



