
Ingwijikhwebu kwesokunikwa kweSilo isitifiketi
ISilo uMisuzulu kaZwelithini noMengameli wezwe Cyril Ramaphosa bavunwe yinkantolo yokudluliswa kwamacala.
Let nkantolo ichithe isinqumo senkantolo eNkulu ePitoli esithi uRamaphosa wagxambukela noma akazange alandele imigudu ngesikhathi evuma ukuqokwa kwendlulamithi.
Bekuphonselwa inselelo ukunikwa ngumengameli isitifiketi sobukhosi kwe Ndlulamithi yaMakhosi iSilo uMisuzulu njenge Ngonyama yesizwe sama Zulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uhlangothi lweNdlunkulu obeluphikisana nokuhlonzwa kweSilo uMengameli lwaphosela inselelo enkantolo isinqumo sikamengameli luthi wagagamela.
IJaji uNorman Davis wathi ukukhipha isitifiketi esigunyaza iSilo kukaRamaphosa, kwakungekho emthethweni futhi kufana nento engekho.
Wathola ukuthi uRamaphosa wehluleka ukulandela imigudu efanele ngokweTraditional and Khoi-San Leadership Act 3 of 2019, ephinde yaziwe ngeLeadership Act.
Nakuba ijaji lamchitha uRamaphosa kodwa lamnika imvume yokusiphikisa lesi sinqumo kodwa lakubeka ukuthi mancane amathuba okuthi angaphumelela.
“Singakuqinisekisa ukuthi amaphaphu phansi Zulu! Asikho isidingo sokutatazela ngecala eliseBloemfontein, noma ngabe umengameli uthola muphi umphumela ngoba akukhulunywa ngesihlalo, kukhulunywa ngendlela eyalandelwa okwaholela ekukhishweni kwesitifiketi,”
kusho uMntwana uThulani esitatimendeni ngoMay.
URamaphosa wafaka isicelo sokwedlulisa icala emva kokuba iJaji Norman Davies livune uhlangothi olweseka uMntwana uSimakade kaZwelithini embangweni wesihalo.
Kulokhu iJaji uDumisani Zondi lichithe isinqumo sikaDavies.
Umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu waqala emva kokukhothama kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngo-2021.



