Ezokungcebeleka

‘Abanamsebenzi walutho obaba bezingane bami’

Sane Mseleku

Ushiye angagalazi uKelly Khumalo ebeka amabala obaba bezingane zakhe, ethi bafana nento engekho.

Yize esho njalo kodwa ukhiphe ngaphandle ubaba wendodakazi yakhe owayewu kaputeni wesqembu lesizwe uSenzo Meyiwa, owashona ngonyaka ka-2014.

Uthe ukholelwa ukuba ngabe uwubaba okhona empilweni yengane yakhe.

UKelly ubekhuluma ngobunzima abhekana nabo ekukhuliseni izingane yedwa kwiPodcast ya L-Tido.

Ngesikhathi ebhodla uKelly uthe abanamsebenzi walutho njengoba bengazondli izingane zabo.

UKelly unezingane eziwu-3 kobaba abahlukene, indodana yakhe endala uChristian, izalwa umculi aphinde abe umethuli wezinhlelo kuTV uMolemo “Jub Jub” Maarohanye, owake waboshwa.

Indodakazi yakhe yokuqala uThingo, izalwa uSenzo Meyiwa, bese kuthi umagcino uLuna, uzalwa umdlali webhola owayedlalela iKaizer Chiefs uMthokozisi Yende.

Njengezingane zakhe, naye wakhula ngaphandle kukababa. Wakhuliswa umama kanye nogogo wakhe.

Uthi kwamlimaza kakhulu ukungabi nobaba ngoba ngabe uyakwazi ukubona abantu besilisa ububona.

Ukholelwa ukuthi ukube usakhona uSenzo ngabe uyayiseka ngayo yonke indlela indodakazi yabo, ngoba waye wubaba okhona empilweni yayo.

Ngesikhathi ebuzwa ngesondlo sezingane, uphendule wathi “kubani? abanamsebenzi walutho labo,” ephindelela.

Emuva kweminyaka uJub-Jub eboshelwe ukubulala ngokungenhloso izingane eziwu-4 neyodwa ayagcina ishosha, uKelly uthi wamnqabela ukubona indodana yabo.

Related Articles

Back to top button