
ISekhukhune imoshe umgqigqo weChiefs ngenduku
Umqeqeshi u-Eric Tinkler uphume ehambela phezulu eFNB Stadium ngemuva kokushaya izintandokazi ebholeni lakuleli iKaizer Chiefs.
EzikaTinkler, iSekhukhune United ziqede irekhodi leKaizer Chiefs lokungahlulwa kule sizini, zivulela induku ka 3-1 emdlalweni weBetway Premiership.
Bese kuphele imidlalo emihlanu Amakhosi engayazi induku kule sizini, futhi bekubhekwe iqhubeke nalo mgqigqo wayo omuhle ngoLwesibili ebusuku.
Nokho iSekhukhune ifike nenye, yashintsha izinto – yashiya abalandeli baMakhosi bechiphiza izinyembezi.
Lo mphumela uthathe iSekhukhune wayibeka eqhulwini lelogi yeBetway Premiership, kanti iChiefs yona isahleli endaweni yesithathu.
Ngemuva kwemidlalo eyisithupha, iKaizer Chiefs inamaphuzu angu-13 – ihlulwe kowodwa, yadlala ngokulingana kowodwa, yanqoba emine.
ISekhukhune ilishaye kuqala igoli ngonyawo lukaBradley Grobler, kodwa iChiefs yasheshe yazibuyisa izinduuku ngegoli likaFlavio Da Silva.
Nokho esiwombeni sesibili iGrobler ube esephinda elesibili, kwase kuthi uThabang Monare washaya elesithathu neliqede wonke amathemba eKaizer Chiefs.
Lisenethini.co.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



