
Isexwayiso ngokucishwa kwagesi eThekwini
Liyah Mseleku
Kuzomele uzame ezinye izindlela zokuphila izakhamizi zaseThekwini njengoba kuzonqanyulwa ugesi kusukela ngoLwesine
UMasipala weTheku ukhiphe isitatimende wazisa ngalokhu kucishwa kwagesi okuhleliwe kusukela ngehora lesishiyagalombili ekuseni kuya kwelesihlanu ntambama.
Ngokwa Masipala lokhu kucishwa kukagesi kuzokwenzelwa ukunika ithuba uMnyango obhekene nokuphakwa kwagesi kaMasipala ukuba ukwazi ukulungisa ingqalasizinda elimele (i-11kV transformer circuit breaker kanye ne-busbar).
Lokhu kuzokwenzeka esiteshini sikagesi saseWaterfall esisanda kulimala mhla ka-14 Septhemba.
Cishe u-50% wamakhasimende aphakelwa ugesi yisiteshi saseWaterfall azothinteka.
Izingxenye zale ndawo elandelayo ezizothinteka: Berrell, Congo, Crestholme, Crestview, Lower Molweni, Luthele, Maromeni, Nkangala, Nogxaza, Tin Town, Umngeni kanye naseWaterfall.
UMasipala unxusa amakhasimende akulezi zindawo ezibaliwe ukuthi ukuhlelele lokhu kucishwa kukagesi.
Ngesikhathi ugesi ucishiwe, umphakathi uyanxuswa ukuthi uthathe ngokuthi izintambo zikagesi zinogesi oyingozi.
Mayelana neminye imininingwane nemibuzo ngalokhu kucishwa kukagesi, kungashayelwa le nombolo yocingo: 080 3111 111.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



