
Kulindeleke acule uCele kwiKhonishini emcelile
Kulindeleke ukuthi owayengu Ngqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele aphendule phambi kweKhomishana kaMadlanga ezoqala ngoLwesithathu.
Kuzokhumbuleka ukuthi igama lakhe livele kaningi limataniswa nongqondongqondo ovalelwe kumanje uCat Matlala.
Phakathi kokunye okubalwayo wukuthi wayefonelana naye izihlandla eziningi nokuthi wayeke avakashe ezindaweni zokuhlala zalo msolwa.
Ukuvela kwakhe nabanye kudalulwe nguNkk Mahlengi Motsiri-Bhengu okhulumela i-ANC, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.
Kanti nomkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi ulindeleke ukuthi abe ngowokuqala ukufakaza kule khomishana ephenya ngokugxambukela kwepolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa eNingizimu Afrika.
Kuzokhumbuleka ukuthi le Khomishini yasungulwa emva kokuthi uMkhwanazi ephenye ibheshu kwabaningi.
Akuzogcina lapho njengoba ubufakazi bakhe bubhekwe ngabomvu ikomidini lasePhalamende eliyisipesheli, nalo eliphenya ngokufanayo.
Phakathi kofakazi abaqanda ikhanda kubalwa uNgqongqoshe osamisiwe uMchunu, njengoba naye ethinteka kwezinye zezinsolo esezike zasusa ukukhuluma nokugxambukela kosopolitiki.
Le khomishana kulindeleke ukuba yethule umbiko ngemuva kwezinyanga ezintathu iqalile ukusebenza, ngaphambi kokuphothula konke ngemuva kweziyisithupha.
UNkk Motsiri-Bhengu uveze ukuthi i-ANC ilindele ukuthi laba baholi bayo abasesigungwini esiphezulu, bazinikele kule khomishana uma bedingeka.
Bathule ubufakazi obungayisiza ifinyelele emnyombweni wenkinga.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



