Ezokungcebeleka

Intaka ibekelwe amazolo kwiMpucuzeko Maskandi Festival 

Jerome Thabethe 

Aseqalile amalungiselelo omcimbi omkhulu la eThekwini owenzeka minyaka yonke iMpucuzeko Maskandi Festival.

Abantu bazobona izintandokazi zabo zishiyelana inkundla.

Lo mcimbi uhlelwa uMnuz Xolani Mcineka ebambisene nohulumeni wesifundanzwe KwaZulu-Natal noMaspala weTheku.

Intaka izobe ibekelwe amazolo ngoMgqibelo mhla-ka 30 kuyo lenyanga, eMoses Mabhida, People Park.

Kumanje aseqalile ukudayisa amathikithi ezitolo abiza uR150 ecomputicket.

Lomcimbi sekuwunyaka weshumi nambili ulokhu waba khona.

Kulo nyaka izinga balenyuse kakhulu, njengoba kuboshelwe ulozolo lodwa kubaculi abazonandisa.

Bakhona nabanye abaculi abasha abangenile eskimini.

Naba abaculi abazobe benandisa uGatsheni, Mzukulu, Khuzani, Thokozani Langa, iGcokama Elisha, Ntencane, Amageza Amahle, Jaiva, Mfezemnyama, Falabo, Mdumazi, Bahubhe, Mafikizolo, Mjolisi kanye nabanye.

Ziningi izindawo abathandi bomculo abazobe beqhamuka kuzo, ngisho angaphandle kwesizifundazwe.

Isizathu iningi labaculi linabalandeli kuyo yonke iSouth Africa jikelele. Akubuzwa ukuthi iTheku lizoba nethuba lokuhlomula ikakhululazi endimeni yezokuvakasha.

Bakhona abazofika nganeno kosuku lomcimbi, nalabo abasuka kwezinye izifundazwe.

Nakule Festival kuningi okuncono okulindelekile kubaculi ikakhulukazi kulabo abazobe beqala ukuboshelwa nezinkunzi kuMaskandi.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button