Ezemidlalo

UCardoso ubike izaba edliwa i-Orlando Pirates

ISundowns iphinde yasala esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwiMTN8 ngesikhathi ihlulwa yi-Orlando Pirates ngo 4-1 sekukhahlelwa amaphenathi ngoMgqibelo.

ISundowns iwuqale kahle lo mdlalo obuseLucas Moripe Stadium futhi yiyo elishaye kuqala igoli.

Nokho esiwombeni sesibili ihlulekile ukuqhubeka nomgqigqo wayo, yabuya iPirates yathola elokulinganisa eliphoqe ukuthi kuyiwe kumaphenathi.

UMiguel Cardoso ongumqeqeshi weMamelodi Sundonws ukhale ngokuthi abadlali bakhe basakhathele njengoba bengalitholanga ithuba elanele lokuphumula.

Ngesikhathi amanye amaqembu esekhefini, kuvalwe isizini, iSundonws beyidlala kwiFifa Club World Cup.

Lokho kwenze ukuthi ingabi naso isikhathi esanele sokuphumula nesokulungiselela isizini entsha.

“Kwenzeke khona kanye ebesikulindele. IPirates beyijikijela amabhola amade ezinhlangothini.

“Bekumele sikuvimbe lokho. Ngamathuba esibe nawo, besingawashaya amanye amagoli,” kusho uCardoso.

“Kodwa kucacile ukuthi iSundowns isakhathele. Sisadonsa kanzima ngoba asibanga nesikhathi eside njengePirates sokuzilungiselela (ngaphambi kwesizini).

“Sikujezele lokho. Kodwa ke sihlulwe kumaphenathi la unozinti wabo ebemuhle kakhulu.

“Ngokomdlalo, besilingana futhi umphumela ka 1-1 bewufanele, njengoba kwenzeka nangempelasonto edlule.”

Uthe iqembu lakhe alikangeni egiyeni elifanele, futhi lihlulekile ukumelana nePirates ebingabaniki ithuba lokuba sebholeni.

Related Articles

Back to top button