Ezemidlalo

Amakhosi ajabulile ebhubhudla iStellies 

IKaizer Chiefs iqale umkhankaso wayo weBetway Premiership ngokunqoba ngo 2-0 ihlula iStellenbosch FC emdlalweni wokuvula ngeSonto.

Lo mdlalo obuse-Athlone Stadium eKapa ujike kakhulu ngemuva kwekhadi elibomvu eliphume kusaphele imizuzu engaphezu kancane kweyishumi uqalile.

Ngemuva kwaleli khadi elishiye iStellies nabadlali abayishumi enkundleni kube sekungena igoli eligcine linike iGlamour Boys amaphuzu amathathu.

Ushintsho lwalo mdlalo luqhamuke kusadlalwe imizuzu engu-12 kuphela ngesikhathi umdlali wasemuva weStellenbosch FC uSiviwe Nkwali ekhishwa ngekhadi elibomvu.

Lokhu bekungenxa yokudlalisa kabi uMdu Shabalala weChiefs, emvimba kade eseyobhekana nononozinti, esedabulile odongeni lwasemuva lweStellies.

Lokhu kushiye osokhaya benenselelo enkulu kulo mdlalo njengoba bese beshoda, futhi belandela ngemuva.

UNkosingiphile Ngcobo nguye osukume wathatha lelo bhola, qede walishaya ngobuchwepheshe, layokhalakathela ekhoneni.

Yize bese ishoda, iStellenbosch FC ilwe ngesibindi kodwa yahluleka ukugqobhoza udonga lwasemuva lweChiefs obeluqinile.

Izamile ukuthola indlela yokubuyela emdlalweni, kodwa imizamo yabo yagcina ibhuntshile.

IKaizer Chiefs ikusebenzise kahle ukuthi beyinabadlali abaningi enkundleni, yakha inqwaba yamathuba kodwa yangakwazi ukuwasebenzisa.

Kuthe umdlalo usuphela, u-Omega Mdaka wakhahlela uMfundo Vilakazi kungenasidingo, unompempe wabeka iphenathi.

UGlody Lilepo ube eseyinamathisela enethini, kwaba ukudlula ngo 2-0 kwaMakhosi kulo mdlalo.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button