Ezemidlalo

Ifayela lezimali elishaqisayo ngoMama Joy

Sihle Mkhize

UNgqongqoshe woMnyango weZemidlalo uGayton McKenzie useveze ifayela elishaqisayo likaMama Joy.

Njengoba kunesivunguvungu sokuvaleka kwampompi kulo mama, uMckenzie useveze ukuthi iningi imali ephumayo egameni lokuthi uwumlandeli nje.

Lo mama uthi wakhokhelwa wumengameli wezwe ngesikhathi eseFrance kwiNdebe yoMhlaba yeRugby njengoba nakulokhu elwela ukuyobuka iNdebe yomhlaba eMelika.

“Angicacise: uMengameli akalukhokhelanga uhambo lukaMama Joy, noma ecabanga kanjalo yena, akunjalo. Kwakhokha iDSAC (Dept of Sports, Art & Culture). Ngesikhathi eya eFrance. Nokwadla uR700,000. Ngiyethemba sizophuma manje kule ndaba.”

UMama Joy uthi uMcKenzie uphuma iqhuzu naye ngoba bakhona nabanye abakhokhelwayo.

INdebe yoMhlaba ka-2026 izoqala ngoJuni 11 eMexico, Canada ne-United States of America (USA).

Amazwe amabili azoqeda phezulu ku-Group A azodlulela kwi-Last 32 kwazise lo mqhudelwano uzoqalwa ngamazwe angu-48.

Amaqembu esizwe ayisishiyagalombili azoqeda endaweni yesithathu ngezibalo ezingcono nawo azothola indawo kwi-Last 32.

Kusukela kuqhathwe amaqoqo ngonyaka odlule, umqeqeshi weBafana (uBroos) ubelokhu eliqagela iqembu lesizwe lesine kwaze kwaba wukuthi iCzechia izifaka esigqokweni ngeledlule ngokunqoba kwiDenmark sekukhahlelwa amaphenathi.

Related Articles

Back to top button