Izindaba

Ugqunywe esitokisini obebhemisa ingane izidakamizwa kwivideo

Kubatshazwa ubuwula nokukhohlakala kumama oboshwe nabathathu ngesigameko sokubhemisa ingane izidakamizwa.

Lesi sehlakalo sivele nge-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Le video esabalale ekuqaleni kwaleli sonto isuse umsindo ezinkundleni zokuxhumamana, kwaze kwangenelela uphiko lweKP, ngaphansi kwamaphoyisa kamasipala waseGoli, iJMPD.

Ngokombiko weLanga amaphoyisa aseGoli akuqinisekisile ukuthi abasolwa baboshwe ngoLwesibili eNewclare.

Okhulumela iJMPD, uMnuz Xolani Fihla, uthe amalungu abo abehambahamba ehlola indawo ngesikhathi elunywa indlebe ngalapho kukhona abasolwa.

“Amaphoyisa anikele emzini oseNewclare lapho efice khona unina wengane ovelayo kule video. Ube esekhomba abanye ababili abavelayo, okubalwa kubona noqophe i-video,” kusho uFihla.

Kuthiwa abasolwa ngesikhathi behlatshwa ngemibuzo ngamaphoyisa, bavumile ukuthi bebesenzisa isidakamizwa iMandrax, nokuthi bayiqophile i-video.

Bebesagqunywe esitokisini kanti bekulindeleke ukuba bavele enkatolo maduze ngamacala okubalwa kuwona nokuhlukumeza umntwana.

Omakhalekhukhwini babo bazoya kocwaningwa ukuze abakuqukethe kuzosetshenziswa enkantolo.

Umntwana ususiwe kulo muzi, wabekwa ngaphansi kweso lophiko lweFamily Violence, Child Protection, and Sexual Offences Unit, ngaphansi kweSAPS.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button