
Abuyise izinduku amaphoyisa adutshulwe kwaBester
Asezibuyisile izinduku amaphoyisa athola ukudutshulwa alimala esemsebenzini emgwaqeni kwaDanisa kwaBester.
IPurpose ibikile ngalesi sigameko nokuthi umsolwa oyedwa wadutshulwa Wafa.
Ngokwamaphoyisa athi uphenyo lwawo lubaholele eHostela KwaDabeka eKK.
Labasolwa babhadanywe becashe khona nokuthe uma bengena egumbini ebebevalene kulo kwaqala ukudubulana.
EzikaMkhwanazi zikwazile ukudubula zibulale oyedwa kwathi abanye babaleka baphula amawindi babaleka.
Nokho bese bebaleka namanxeba, ababili babo babanjiwe baphuthunyiswa esibhedlela begadwe amaphoyisa.

Kulokhu alikho iphoyisa elathola ukulimala, kusathungathwa abanye abasolwa.
Bamataniswa nobugebengu nalapho kwabulawa khona umuntu eNanda kwatholwa nezibhamu.
IPurpose ixoxisane nephoyisa elisebenzela eNtuzuma Police Station nokho elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.
“Afike emini la amaphoyisa ezoboleka izibhamu ezinkulu eyoqhuba umsebenzi. Sesizwa kuthiwa adutshuliwe”
“Isimanga ukuthi igenge encane le ebhoke kule ndawo. Kukancane uthole umsolwa oneminyakaengaphezulu kwa-30”
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169.



