
UTyla enyakanyakeni eboshwa ababhali bengoma iWater
Ababhali ababili ababambisana ekubhaleni ingoma yesihlabani uTyla babopha lentokazi nomdidiyeli.
U-Olmo Zucca noJackson LoMastro, waseCalifornia e-United States, bafake icala bafuna inkokhelo yemali yama royalties.
Leli cala libhekene noTyla nomdidiyeli uSammy Soso owazalwa enguSamual Awuku kanye nenkampani yomculo iSony Music Entertainment.
Ngokwamaphepha afakwe eNkantolo ngomhla ka-25 July ababhali uZucca noLoMastro bami ngelokuthi ukungagqanyisaa kubalimazile emsebenzini wabo njengamaciko kwaphazamisa nodumo olubafanele futhi balahlekelwa amathuba.
Ingoma ethi Water, eyakhishwa ngo-2023, ithakaselwa emhlabeni jikelele inezigidi eziyizinkulungwane ezingu-1.1 zokulalelwa kuSpotify kanye nemibono engaphezu kuka-330 million kuYouTube.
Ingoma iphinde yawina izindondo eziningi, kuhlanganisa neGrammy Award yokuqala yeBest African Music Performance.
Encwadini yabo, uZucca noLoMastro babizwa ngokuthi “ababhali-nengoma abahlanganyelayo” (co-composers and co-authors) kanye nabakhiqizi abaphambili ababili (top-line producers), abasebenza kakhulu ekwakheni umculo.
Bathi ngesikhathi sokurekhodwa kwengoma Water ngoMashi 2023, kwakukhona ababhali abane uZucca, LoMastro, uAwuku noRayaj El-Hussein.
UZucca noLoMastro bathi benza amafayela omsindo amaningi asetshenziswe emculweni wokugcina (final master) we-Water, lawo mafayela adluliselwa kukhompyutha ka-Awuku.
“Njengoba bonke abakhiqizi banikele ngokulinganayo ekukhiqizeni ingoma, wonke umuntu kufanele athole udumo oluphelele njengomkhiqizi ophambili, futhi bahlomule ngokulinganayo kuma-royalties,” kubhalwe encwadini yesikhalo.
Abamangali baphinde bavezile ukuthi bahlale bezama ukuxazulula udaba no-Awuku kodwa u-Awuku akawubambi umshini.
Ngakho-ke, abamangali bafuna iNkantolo ithathe isinqumo sokuthi uZucca noLoMastro babhekwa njengabakhiqizi abaphambili abanelungelo lodumo oluphelele.
Baphinde bafuna inkokhelo yama-royalties angemuva nangesikhathi esizayo, kuhlanganisa nesabelo esingu-12.5% kuma-publishing royalties.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169.



