Izindaba

Kubulawe uthisha obeveza inkohlakalo yesikole esiqasha ngesinene

Akasekho emhlabeni uthisha ovele ezinkundleni zokuxhumana ebhodla umlilo ngenkohlakalo yokuqashwa kwabasizi bothisha esikoleni abefundisa kuso.

Lesi sigameko senzeke kusihlwa ngoLwesithathu ngezithuba zabo 8:00pm eNewcastle.

Uhlaselwe ekwakhe ngamadoda amabili ngesikhathi ehla nje emotweni eyongena endlini.

Bamdubule ngoyaba lwezinhlamvu kuverandi waphelela khona lapho.

Kuthiwa bathathe isikhwama sakhe esinamakhadi asebhange kanye neselula.

Okhulumela umndeni uthe kuzocaca kubenzi bobubi maduze nje.

Umufi ubeseveze ukuthi kunamantombazane ayisikhombisa aqashwe ngokungekho emthethweni futhi unabo bonke ubufakazi balokho.

Ushone esedalule eyamaCV anoboya athi ukhuluma lezindaba ugodle ubufakazi.

Uveze nokuthi ngesonto eledlule ubambe uthishomkhulu enza ucansi ehhovisi lakhe nomunye wabasizi bothisha.

Uthi ubesecelwa nguye uthishomkhulu ukuthi angayithi vu lendaba, uzomkhuphula esikhundleni akuso.

Uphinde waveza nokuthi sekuno thisha anokubabona betetemuka ngezimoto behamba nalaba basizi bothisha beyobashiya ngasemakubo kujolwana.

Ngokusho kwamufi uthi uzamile ukukhuluma nothishomkhulu ukuthi akaxoshe wonke lamantombazane engene ngenkohlakalo kodwa wadembesela futhi wathembisa nokumxosha.

Umufi ubesenqumele ugwayi katiki uthishomkhulu lamantombazane angabuyi ngoMsombuluko uma ewabona ngeke “achithe isikhathi”.

Usabise ngokwenza enye ivideo asho amagama othisha abenza lamanyala nelika thishomkhulu aphinde aveze negama leiskole.

Bese evala ngebhomu lezithombe zikathishomkhulu esocansini nomsizi kathisha.

Ukuvezile nokuthi sekunezinsongo azitholayo ezithi akayeke lento ngoba uzofa.

Uqhubeke wathi akaqondile ukuqedela uthishomkhulu nozakwabo umsebenzi kodwa ufuna kuxoshwe lamantombazane bese kuqashwa kabusha abantu abawulungele lo msebenzi.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button